I-Opera Mini ikuphathele isivinini kanye nokunethezeka, kodwa ingaphezu nje kokuba yisiphequluli sewebhu! Ilula futhi iyayihlonipha imfihlo yakho kuyilapho ikuvumela ukuba usebenzise i-inthanethi ngokushesha, ngisho nakumanethiwekhi abuthaka noma acinene. Ukuphequlula kwethu Okukhaliphile kukukhethela imodi enhle yokonga idatha ukuze uphequlule isikhathi eside ngedatha onayo.
Izici eziphezulu
• Yonga Idatha
Londoloza idatha yakho efikela ku-90% futhi uphequlule ngokushesha, ngisho nakumanethiwekhi abuthaka, ngaphandle kokuphazamisa ukuphequlula kwakho. Kalula nje, hlola isimo sokonga kwakho idatha kwansuku zonke kuyilapho Isiphequluli Esikhaliphile se-Opera Mini sizikhethela imodi yokuphequlula ezokujabulisa.
• Ukulanda Okukhaliphile
Skena amasayithi ngokuzenzakalelayo ngokuqondene namafayela wevidiyo nomculo alandekayo, futhi ukulande ngemuva. Kalula nje, thola konke okulande ngokwedlule kanye nawo wonke amanye amafayela kudivayisi yakho - akusenasidingo sikuphuma ungena kumafolda. Ukulanda Okukhaliphilie kufakwe kusidlali sevidiyo se-Opera Mini Nasekwabelaneni Ngamafayela Ungaxhunyiwe ku-Inthanethi, ukuze ulande amafayela futhi wabelane ngawo kalula nabangane!
• Ukwabelana Ngamafayela Ungaxhumile ku-Inthanethi
Thumela futhi wamukele amafayela ngokuphephile ngaphandle kokuxhuma ku-inthanethi noma ukusebenzisa idatha. Ukwabelana Ngamafayela Ungaxhumile ku-Inthanethi kungathumela izithombe noma amanye namanye amafayela ngesivivini esiphezulu, kufikela ku-300MB/s, okuyenza isisombululo esihle sokwabelana ngamafayela nomaphi! Skena ikhodi ye-QR bese uhlanganyela nanoma yibaphi abasebenzisi be-Opera Mini ngemizuzwana nje.
• Vimba Izikhangiso
I-Opera Mini yakhelwe ukuvimba izikhangiso ukuze ukwazi ukusebenzisa iwebhu ngapha kokuthola izikhangiso ezicikayo, njengoba ikulethela ukuphequlula iwebhu okushelelayo!
• Hlela Isiphequluli Sakho Ngokwezifiso
UNGUMPETHA we-Opera Mini! Hlela isiphequluli sakho ngokukhetha ukubukeka okuthandayo, itimu, isigaba sezindaba nokuningi. Yenza i-Opera Mini ihambe phambili!
• Izindaba Ezingokwezifiso
Thola izindaba zendawo nezomhlaba wonke ezisematheni ezihlelwe ngokwalokho okuthandayo. I-feed eqalwe kabusha yezindaba ngaphakathi kwesiphequluli se-Opera Mini inikwa amandla yinjini yethu enamandla yezindaba ze-AI. Landelela iziteshi zakho ozithandayo ukuze ubone izihloko ezihlelwe ngokwezifiso zakho.
• Isidlali Sevidiyo
Buka futhi ulalele bukhoma, noma kulandele isikhathi sakamuva. Isidlali sevidiyo se-Mini sinemodi yesandla esisodwa mayelana nokusebenziseka kalula kumakhalekhukhwini, futhi singaphakathi Kwesilawuli Sokulanda sakho.
• Ukufunda Ungaxhumile ku-Inthanethi
Kalula nje, londoloza izindaba kanye nanoma yiliphi ikhasi lewebhu kufoni yakho kuyilapho uxhume ku-Wi-Fi bese uwafunda kamuva lapho ungasaxhumanga ku-inthanethi futhi ungasebenzisi datha. Finyelela kuwo ngokushesha ngokungenza isinqamuleli Sokufunda Ungaxhumile ku-Inthanethi kubha yakho yokuzulazula.
• Phequlula Ngokuyimfihlo
I-Opera Min ikunika isivikelo esihle kakhulu sobumfihlo kuwebhu. Sebenzisa amathebhu okuphequlula i-incognito ngaphandle kokushiya umkhondo kudivayisi yakho noma ukulandelelwa.
Ukuze ufunde kabanzi ngezimvume ezithile zokusebenzisa i-Opera Mini, sicela uvakashele: http://www.opera.com/help/mini/android/permissions
I-Opera ingazibonisa izikhangiso ezivela ku-Facebook. Ukuze ufunde kabanzi, bekha: https://m.facebook.com/ads/ad_choices
Hlala unathi:
I-Twitter – http://twitter.com/opera/
I-Facebook – http://www.facebook.com/opera/
I-Instagram – http://www.instagram.com/opera
Imigomo Nemibandela:
Ngokulanda lolu helo, uvumelana Nesivumelwano Selayisense Yomsebenzisi Wokugcina esiku-https://www.opera.com/eula/mobile. Futhi, ungafunda nokuthi i-Opera iyiphatha futhi iyifikele kanjani idatha yakho Kusitatimende sethu Sobumfihlo ku-https://www.opera.com/privacy.
Kubuyekezwe ngo-
Dis 18, 2024